9,49 €
9,49 €
inkl. MwSt.
Sofort per Download lieferbar
payback
0 °P sammeln
9,49 €
9,49 €
inkl. MwSt.
Sofort per Download lieferbar

Alle Infos zum eBook verschenken
payback
0 °P sammeln
Als Download kaufen
9,49 €
inkl. MwSt.
Sofort per Download lieferbar
payback
0 °P sammeln
Jetzt verschenken
9,49 €
inkl. MwSt.
Sofort per Download lieferbar

Alle Infos zum eBook verschenken
payback
0 °P sammeln
  • Format: ePub

Le ncwadi, isihloko sayo esithi "Impilo - Ihaywa Ngezinkondlo" iyiqoqo lezinkondlo ezingamashumi amabili ezibhalwe ngesiZulu. Lo mbhali waseNingizimu Afrika usivezela imizwa yakhe ngokwake kwamehlela yena uqobo kanye nokwehlela abathandiweyo bakhe kusukela kweziphathelene nothando kuya ezehlakalweni ezimbi kanye nendalo kaNkulunkulu. Umbhali uneka obala imizwa yakhe, akuthandayo, akufisayo, akwesabayo kanye nokunye okuningi okuhambelana nakuzwa ngaphakathi njengoba ebheka emuva naphambili ebuka impilo yakhe ngezinkondlo. Uma unemibuzo mayelana nezinkondlo ezithile, ungaxhumana ngqo nombhali.…mehr

  • Geräte: eReader
  • mit Kopierschutz
  • eBook Hilfe
  • Größe: 0.4MB
  • FamilySharing(5)
Produktbeschreibung
Le ncwadi, isihloko sayo esithi "Impilo - Ihaywa Ngezinkondlo" iyiqoqo lezinkondlo ezingamashumi amabili ezibhalwe ngesiZulu. Lo mbhali waseNingizimu Afrika usivezela imizwa yakhe ngokwake kwamehlela yena uqobo kanye nokwehlela abathandiweyo bakhe kusukela kweziphathelene nothando kuya ezehlakalweni ezimbi kanye nendalo kaNkulunkulu. Umbhali uneka obala imizwa yakhe, akuthandayo, akufisayo, akwesabayo kanye nokunye okuningi okuhambelana nakuzwa ngaphakathi njengoba ebheka emuva naphambili ebuka impilo yakhe ngezinkondlo. Uma unemibuzo mayelana nezinkondlo ezithile, ungaxhumana ngqo nombhali. Imininingwane yokuxhumana nombhali iyatholakala ekhasini lokugcina lencwadi.


Dieser Download kann aus rechtlichen Gründen nur mit Rechnungsadresse in A, B, CY, CZ, D, DK, EW, E, FIN, F, GR, H, IRL, I, LT, L, LR, M, NL, PL, P, R, S, SLO, SK ausgeliefert werden.

Autorenporträt
UDokotela uBongeka BuhlebaMashasha (UMaHlengwa) Selepe wagogoda eNyuvesi yaseWitwatersrand ngo-2020, ngemva kokuthola imifundaze emibili yakwa-National Institute for Humanities and Social Sciences (NIHSS) yokuphothula iziqu zeMasters neze-PhD. Uqale ukubhala lezi zinkondlo efundisa iLinguistics eNyuvesi yaseJohannesburg. Ngesikhathi sokushicilelwa kwazo ubeseNyuvesi yaseWitwatersrand efundisa izifundo zokuhumusha nokutolika izilimi. Ngaphambi kokuba abe ngumfundisi wasenyuvesi, ubeyiSekela LoMhleli emnyangweni kaHansard Nezilimi eSishayamthetho SaseGauteng. Ngaphambi kwalokho ubesoPhikweni Lukazwelonke Lwezilimi (kwaNational Language Service), okunguphiko olungaphansi koMnyango Kazwelonke Wezemidlalo Ezobuciko Nezamasiko, olubheka izindaba eziphathelene nezilimi zaseNingizimu Afrika, esebenza ngokuqondene nolimi lwesiZulu. Usebenze nasesifundazweni saKwaZulu-Natali, emnyangweni ofanayo. Njengamanje, uDokotela uHlengwa-Selepe, ufundisa isiZulu eNyuvesi Yase-Indiana, eMelika. Uma engekho emsebenzini wakhe awuqashelwe, ufundisa abantu abangasazi isiZulu ukuba bakwazi ukusikhuluma ngenxa yothando lwakhe lolimi. Leli yiqoqo lakhe lokuqala lezinkondlo.